IsiHlawumbiselo
incazelo ephakanyiswayo yesiqapho, isimongotho, noma enye inkinga yesayensi / From Wikipedia, the free encyclopedia
IsiHlawumbiselo siyincazelo ephakanyiswayo ngesimongotho esithile. Ukuze isihlawumbiselo sibe isihlawumbiselo sesayensi, indlelasu yesayensi inendingeko yokuthi umuntu kufanele akwazi ukusihlola . Ososayensi ngokuvamile basekela izihlawumbiselo zesayensi ngeziqaphelo zangaphambili ezingenakuchazwa ngokwanelisayo zemibono yesayensi ekhona. Nakuba igama elithi "isihlawumbiselo" nelithi " umbono " evame ukusetshenziswa ngokufanayo, isihlawumbiselo sesayensi asifani nombono yesayensi. Isihlawumbiselo esisebenzayo siyisihlawumbiselo esamukelwe okwesikhashana esiphakanyiselwe ucwaningo oluqhubekayo ngokwenqubo esungula ngokuqagela noma umcabango ofundile. [1]