UMkhandlusidlidli
indawo ebuswa uhulumeni wasendaweni / From Wikipedia, the free encyclopedia
UMkhandlusidlidli noma Umasipala noma uMkhandludolobha uvamise ukuba wuphiko olulodwa lwempathelo ''(administration)'' oluhleliwe nolunamandla okuzibusa noma amagunya njengoba kuvuma imithetho kazwelonke neyesifunda ongaphansi kwayo.
Ibizo elithi uMkhandlusidlidli (ikakhulukazi elithi uMkhandlu) limiqondobili njengoba lisho ibandla elibusayo, elibizwa umkhandlu, futhi lisho indawo esemingceleni lapho ibandla elibusayo elinegunya khona.
UMkhandlusidlidli kungaba inoma iliphi igunya lezombusazwe, kusuka esifundeni esiziphethe esifana nesiGunya sase-Monaco, kuya emuzini omncane ofana ne-West Hampton Dunes, e-New York.
Imingcele lapho umkhandlusidlidli onegunya khona ihlanganisa lokhu okulandelayo:
- indawo eyodwa enabantu engesidlavela, isidlidli noma umuzi. only one populated place such as a city, town, or village
- izindawo ezifanayo ezimbalwa (isb., izindawo zegunya zaseMelika esifunde se-New Jersey (1798–1899) ezifana namanxuluma abusa imizi embalwa, imikhandlu yase-Mexico, nemikhandlu yase-Colombia)
- izingxenye zezindawo ezifana nalezo kuphela, ngesinye isikhathi izindadawe zesidlavela, ezifana nemikhandlu engama-34 yase-Santiago, e-Chile