IChwe
ucezu oluncane lenhlwa yevanga / From Wikipedia, the free encyclopedia
IChwe liyinhlayiyana eneNuzi eyakhiwa iziNelesi neziNtunge ezizungezwe ifu leziNzuba ezibanjwe ngokwenzubawonga. IChwe liyinhlayiyana eyisiseko yezinhlwa zevanga, futhi lezo zinhlwa zibandlulana ngenani leziNelesi ezisemachweni azo. Ngokwesibonelo, noma yiliphi ichwe eliqukethe iziNelesi eziyi-11 liyiNaside, futhi noma yiliphi ichwe eliqukethe iziNelesi ezingama-29 liwusoklele. Inani lezintunge lichasisa IChembe laleyonhlwa.
AmaChwe mancinyane ngokweqile, ngokuvamile angamapikomitha angu-100 ububanzi. Ububanzi bonwele lomuntu cishe buyisigidi samachwe omcalahle ngokwesilinganiso. Okusho ukuthi buncane ukwedlula ngisho nebangacuphi elifushane kakhulu lesokhanya, nokuyinto esho ukuthi abantu abasoze bawabone amachwe nangezibonancinci zabo zesimanje. Ubuncane bawo benza ukubikezela ngokunembile ukuziphatha kwawo ngokusebenzisa umchazandalo omdala kungabi nokwenzeka ngenxa yemithelela yoMngako.
Isisindo seChwe esingaphezu kwama-99 casha 94 ekhulwini (99.94%) sechwe siseNuzini. Izinelesi zinomlelesa wamazuba ovumayo, izinzuba zona zinomlelesa wamazuba ophikayo, bese izintunge zona azinawo umlelesa wamazuba. Uma inani lezinelesi nezinzuba lilingene, khona ichwe alichemile ngokwamazuba. Uma ichwe linezinzuba ezimbalwa kunezinelesi, khona lisuke linomlelesa ophikayo noma ovumayo, futhi amachwe aloluhlobo abizwa izihonyo.
Izinzuba zechwe zihehelwa ezinelesini ezisendenini yechwe yisiphoqi senzubawonga. Izinelesi nezintunge ezisendenini zihehana zodwa ngesiphoqi senuzi. Lesiphoqi imvama sinamandla kunesiphoqi senzubawonga esiphebeza izinelesi ezinomlelesa ovumayo ukuba zingahlangani. Ngaphansi kwezimo ezithile, isiphoqi senzubawonga esiphebezayo siba namandla kunesiphoqi senuzi. Lapho kwenzeka lokhu, inuzi iyaqephuka futhi ishiya ngemuva izinhlwa ezihlukene. Lesi yisimo sokuwohloka kweNuzi
Amachwe angazinameka kwamanye amachwe, elilodwa noma ukweqa, ngokuzibhonqa ngokwevanga ukuze abumbe imixube yevanga efana nemizwayi noma imincwebe. Ikhono lamachwe lokuzinameka nokuzi-detach yilona olwenza kube noshintsho olubonwayo emvelweni. Umchazatho lunguqeqesho olufunda ngaloloshintsho. .